"Abashayeli abavumelani ngemigomo ebekelwe imingcele ekumele bayisebenzise," kusho okhulumela amaphoyias uCaptain Johannes Maheso, ethiimigwaqo engenela elokishini ivaliwe.
Kushiswa amathaya emgwaqeni omkhulu, kwavalwa nangezimbokodo, kuphazamiseke kakhulu umgwaqo iTsamaya, kusho uMaheso.
Funda nalolu daba: Izonyuka imali yokugibela amatekisi
Ngokusho kukaMaheso, kubanjwe umhlangano ngenhloso yokubuyisela isimo kwesejwayelekile.
Inkinga enkulu kuthiwa iphakathi kwabashayeli abathutha abantu besebenzisa izimoto zabo ezincane nalabo abasebenzisa amatekisi ajwayelekile.
Kubikwa ukuthi kucekelwe phansi izimoto ezintathu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.