Pretoria – Amaphoyisa athungatha izigelekeqe ezingabantu besifazane ezine okusolakala ukuthi ziyabandakanyeka ohideni lwezigameko zokugqekezwa kwemizi ePretoria Moot, Villieria naseBrooklyn.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Colette Weilbach uthe lesi sigejane singene komunye umuzi sizenza abantu abaphuthumayo abacela ukusebenzisa indlu encane.
UWeilbach uthi omunye walaba besifazane ukhulelwe, kanti bakhuluma isiNgisi nesiSuthu.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe iqwaba ngokugqekeza eMhlanga
"Ngesonto eledlule, isisebenzi sasendlini esineminyaka engu-57 ubudala esisebenza eMenlo Park sasichelela ingadi ngesikhathi kuma imoto e-silver abesifazane ababili bacela ukusebenzisa indlu encane.
"Isisebenzi sabe sesiyabayalela ukuba bangene ethoyilethi elingaphandle. Kuthe uma sebebuya, sabavulela isango kwase kuvele kugxuma laba abanye ababili abebesemotweni bangena ngaphakathi,” esho.
UWeilbach uthi omunye wabasolwa wabe esegijima eyongena endlini, isisebenzi samjaha kepha sasatshiswa ngesibhamu.
Abasolwa babaleka ne-laptop nesamba semali esingadalulwanga, kusho uWeilbach.