Share

Kugqame ukuhlukumeza abesifazane bevela enkantolo

Durban – Owesifazane waseThekwini nomama wakhe abasolwa ngokubulala ingane yalo wesifazane eneminyaka emithathu ubudala, basolwa ngokuhlukumeza ezinye izingane zakhe ezintathu.

Ngaphandle kokushisa lezi zingane nge-ayina elivuthayo nongogwayi, le ngane yentombazane eneminyaka emithathu ubudala, yagcina ngokushona ngenxa yokuhlukunyezwa.

Kuthiwa kokunye babeyihlukumeza baze bayigxishe ngisho upelepele esithweni sangasese.

Inkantolo itshelwe nokuthi lezi ezinye izingane ezindala zabafana zazishiswa amatotolozi ngogwayi.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe ngelokushaya indodana

Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth lapho bekuvele khona owesifazane, 32, nomama wakhe, 55.

Ukuvela kwalaba bobabili enkantolo, kudwebe isithombe sokuhlukunyezwa kwezingane ngokwenyama nangokocansi, kubika i-African News Agency.

Inkantolo itshelwe ukuthi bezihlukunyezwa zozine izingane zalo wesifazane – ngaphandle kwengumagcino.

Laba besifazane basolwa ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza, ukuhlukumeza nokuhluleka ukubika ngokulimala kwezingane.

Ugogo ubhekene nelinye icala lokubulala, ukudlwengula nokunukubeza ngokocansi.

Izingane zigcinwe endaweni ephephile kusukela laba baboshwa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
33% - 13 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
67% - 26 votes
Vote
Rand - Dollar
19.05
-0.7%
Rand - Pound
23.98
-0.3%
Rand - Euro
20.55
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.36
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.7%
Platinum
894.10
-0.3%
Palladium
996.00
-0.6%
Gold
2,193.32
-0.1%
Silver
24.41
-1.0%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
67,889
+0.3%
All Share
74,074
+0.2%
Resource 10
56,132
+0.9%
Industrial 25
103,554
+0.3%
Financial 15
16,492
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE