Durban – Owesifazane waseThekwini nomama wakhe abasolwa ngokubulala ingane yalo wesifazane eneminyaka emithathu ubudala, basolwa ngokuhlukumeza ezinye izingane zakhe ezintathu.
Ngaphandle kokushisa lezi zingane nge-ayina elivuthayo nongogwayi, le ngane yentombazane eneminyaka emithathu ubudala, yagcina ngokushona ngenxa yokuhlukunyezwa.
Kuthiwa kokunye babeyihlukumeza baze bayigxishe ngisho upelepele esithweni sangasese.
Inkantolo itshelwe nokuthi lezi ezinye izingane ezindala zabafana zazishiswa amatotolozi ngogwayi.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe ngelokushaya indodana
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth lapho bekuvele khona owesifazane, 32, nomama wakhe, 55.
Ukuvela kwalaba bobabili enkantolo, kudwebe isithombe sokuhlukunyezwa kwezingane ngokwenyama nangokocansi, kubika i-African News Agency.
Inkantolo itshelwe ukuthi bezihlukunyezwa zozine izingane zalo wesifazane – ngaphandle kwengumagcino.
Laba besifazane basolwa ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza, ukuhlukumeza nokuhluleka ukubika ngokulimala kwezingane.
Ugogo ubhekene nelinye icala lokubulala, ukudlwengula nokunukubeza ngokocansi.
Izingane zigcinwe endaweni ephephile kusukela laba baboshwa.