isiZulu

Kugwazwe owesilisa eBroederstroom

2012-12-24 14:25
Johannesburg - Kugwazwe indoda, 41, yashona eBroederstroom ngaseHartebeespoort Dam, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoMsombuluko.

UCaptain Amanda Funani uthe le ndoda igwazwe ngoMgqibelo ngesikhathi ixabana nomngani wayo kudlalwa amaphepha.

"Bekubangwa indaba yamaphepha, kubangwa nemali. Umsolwa ube esehosha ummese wagwaza umufi amanxeba amaningi," kusho uFunani.

Ogwaziwe ube esephuthunyiswa esibhedlela esiseBrits, kodwa washonela khona.

Kuboshwe indoda, 59, mayelana nalesi sigameko.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


SAPA

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Funeral Cover from R29/m