INkantolo yaseNyakatho yaseGauteng ngoLwesithathu igwebe uXolanu Chauke oneminyaka engu-25 ubudala noNjabulo Mathonsi onengu-27 ubudala baseNaas onqanqameni lwaseMozambique neSwaziland.
Kubikwa ukuthi laba baboshwa ngemuva kokuba bebulale u-Abdul Rehaman Ibrahim Patel ngomhlaka 23 kuFebruwari 2010.
OLUNYE UDABA: Kugwetshwe amalungu ebandla ngokushaya amaphoyisa
Ngokombiko bobabili bawaphika amacala okubulala, ukubamba inkunzi nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu.
Umsolwa wesithathu uBongani Mnisi oneminyaka engu-24 ubudala nokunguyena okuthiwa wadubula waphula imigomo yebheyili yakhe kanti amaphoyisa asekhiphe incwadi yokumthungatha.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho