Johannesburg – INkantolo yeMantshi yaseBloemfontein isigwebe abafana abane iminyaka eyishumi ejele ngecala lokudlwengula omunye umfana, kusho abeNational Prosecuting Authority ngoLwesibili.
Isikhulumi uPhaladi Shuping uthe abafana bagwetshwe ngoMsombuluko.
"IMantshi uJan Greyvenstein ugwebe abafana abaneminyaka ebalelwa ku-13 no15 ubudala ngokudlwengula umfana oneminyaka eyishumi ubudala ngoNovemba 2011," usho kanje esitatimendeni.
Inkantolo ibalengisele isigwebo seminyaka emihlanu.
"Laba bafana bathe bebedlala umdlalo nesisulu kanti kulo mdlalo bekufanele bafake ubuntu babo kuye."
UMshushisi uLouis York uthe noma ngabe isisulu besibanikile imvume, leyo nto ifana nento engekho ngoba ungaphansi kweminyaka engu-12 ubudala.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho