isiZulu

Kugxekwe ukubulawa kwamaphoyisa

2012-07-23 14:05
Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape uHelen Sauls-August usenxuse ukuba kuphele ukubulawa kwamaphoyisa kulandela ukutholakala kwephoyisa libulewe emzini walo ngeSonto.

"Lokhu kuyishobolo nje, sicela ukuthi amaphoyisa alusukumele lolu daba ukuze kuzoboshwa abenzi bokubi," kusho uSauls-August ngoMsombuluko.

"Lokhu kubulawa kwamaphoyisa ngeke kudambise imizamo yethu yokulwisana nobugebengu."

Leli phoyisa litholakale linamahlandla amathathu okudutshulwa esifubeni, kwebiwa isibhamu salo somsebenzi, kusho ihhovisi likaSauls-August.

Leli yiphoyisa lesithathu ukubulawa kulesi sifundazwe kuleli sonto eledlule.

Ezigamekweni zangaphambilini kubulawe iphoyisa kwaCentane naseNgqeleni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

SAPA

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Old Mutual Funeral Plan R35/m