UBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe lezi zakhamuzi zihlangane ngeSonto zatshelwa yisalukazi esithile ngabantu abasolwa ngokubulala u-Elina Mphaphuli, 60, ngoMeyi.
Isidumbu sikaMphaphuli esasicwiyiwe satholwa simbozwe ngethawula phakathi kwamadwala.
"Abahlali babe sebephelezela lo okhiphe amagama abantu beyokwazisa amaphoyisa ngalolu lwazi,” kusho uMulaudzi.
Amaphoyisa ayekhiphe umehlokaboni ka-R100 000 ngoyoba nolwazi ngokubulawa kukaMphaphuli.
"Ngemuva kokuhamba esiteshini samaphoyisa babe sebecekela phansi izindlu zabasolwa.”
Amaphoyisa ayaphenya ngamacala okuqala umlilo ngamabomu, ukucekela phansi impahla nokususa uthuthuva emphakathini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho