U-Edgar Charles Mabunda, 31, waseTimbavati Trust ngaphandle kwase-Acornhoek, ubevele eNkantolo yesiFunda yaseNelspruit.
Inkantolo ihlehliselwe intambama, kwathi sekubuywa ekhifini iJaji uPeter Mabuse walihlehlisela uMeyi 2015 icala lapho kuzokhishwa khona isinqumo nesigwebo.
OLUNYE UDABA: Inyanga ilahlwe elokubulala unkosikazi
UMabunda waboshwa ngo-Agasti wonyaka odlule kulandela ukubulawa kukaMiranda Shongile Mayinga.
UMabunda uyawaphika wonke amacala abekwe wona, okubulala, ukudlwengula nokuthumba.
Inkantolo yatshelwa ukuthi le ngane yathunjwa ihamba nabangani bayo kuphunywa esikoleni yase itholakala isishonile emahlathini aseNew Forest.
UMabunda ugqunywe esitokisini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho