Johannesburg - Kuboshwe amadoda amabili ngesikhathi kuhlengwa amantombazane ayisikhombisa endaweni yabadayisa ngomzimba eBloemfontein, kusho uphiko loKlebe ngoLwesithathu.
"Kuboshwe abantu ababili abangabokudabuka e-Uganda abasolwa ngokuba ngabanikazi bendawo yamayengandoda,” kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
Amaphoyisa alunywe indlebe ngoMsombuluko ngothile othe la mantombazane abegqunywe eflethini enziwa izigqila zocansi.