isiZulu

Kulimale 11 kuginqika itekisi

2012-06-11 15:30
Johannesburg - Abantu abangu-11 sebelimalile ngesikhathi kuginqika itekisi eParktown, eGoli ngoMsombuluko, kusho abahambisi bosizo oluphuthumayo.

Kuthiwa umshayeli uphunyukwe yitekisi ku-Empire Road, yase iginqika, kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uJeffrey Wicks.

Abantu abalimele bathole usizo endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuthi badluliselwe ezibhedlela iHelen Joseph neCharlotte Maxeke. 


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)