Cape Town – Kulimale izingane ezingu-11 ngesikhathi itekisi ebezihamba ngayo iphaphalaza ishiya umgwaqo yayoshayisa isihlahla eNew Germany, KwaZulu-Natal.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 bathe le ngozi yenzeke ngoLwesihlanu ntambama ngakuDinkalman Road.
OLUNYE UDABA: Kulimale izingane ezingu-15 engozini yezimoto
“Abosizo lokuqala bakwa-ER24 nabakwezinye izinkampani, bafike endaweni yesigameko bathola itekisi imi ngesihlahla. Izingane zitholakale zihleli ngaphandle kwayo.
“Sithe uma sizihlola, sathola ukuthi yizingane eziphakathi kuka-4 no-10 ubudala, ezithole imihuzukwana kule ngozi. Izingane ezimbili kulezi zikhubazekile.”
Imbangela yale ngozi ayikaziwa kepha amaphoyisa ayaphenya.