Johannesburg - Kulimale abantu abangu-52 ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo lilala amankiyane ngaseHarrismith ngoMgqibelo ekuseni kusho amaphoyisa aseFree State.
"Ngezithuba zabo-08:00 ibhasi liqhunyelwe yisondo langaphambili laphaphalaza ngemuva kwalokho laphenduka,” kusho uSergeant Mmako Mophiring.
"Umshayeli oneminyaka engu-35 ubudala waseTshiame ngakhona eHarrismith
kanye nabagibeli baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene ngenxa yokulimala.”
Funda nalolu daba: Kushone usana olunyathelwe abantu eSoweto.
Ibhasi balithwele nabafundi abangu-31 abebeya esikoleni ngoMgqibelo eNew Horizon School eHarrismith.
Amaphoyisa aphenya imbangela yengozi, kusho uMophiring.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.