Durban – Kulimale abantu abayisithupha ngesikhathi kuwa itende eMadadeni enyakatho yeKwaZulu Natal ngokusho kwabosizo lokuqala.
URobert McKenzie okhulumela abezimo eziphuthumayo kwa-Emergency Rescue Services uthe abantu abayisithupha bebelindele ukuhambela umcimbi wenkolo ngesikhathi leli tende liwela phezulu kwabo.
“Oyedwa wabo ulimale kanzima kwathi abanye bathola ukulimala okungatheni,” esho.
OLUNYE UDABA: Bakhala ngomthetho abazali bengane eyahlukunyezwa
Laba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze batholwe ukwelashwa okusezingeni, kusho uMcKenzie.
Imbangela yokuwa kwaleli tende ibingakaziwa njengoba bekusazoqala uphenyo ngalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho