Polokwane – Babalelwa ku-35 abantu abalimalile ngesikhathi iloli ishayisana nebhasi emgwaqweni u-R101 eSebediela eLimpopo ngokusho kwabosizo lokuqala.
Abagibeli bebhasi neloli batholwe bedindilizile besabalele emgwaqweni naseceleni komgwaqo, kusho okhulumela abakwa-ER24 uChitra Bodasing kwisitatimende enanela ngokuthi abanye bbebesavaleleke ngaphakathi kwibhasi.
“Abantu bebelimele ngezindlela ezahlukene kusukela kulabo abalimale kanzima nabanye abathole ukulimala okungatheni.