Bloemfontein – Kulimale abantu ababili abebegiblele ngemuva evenini ngesikhathi iphuma emgwaqeni onguthelawayeko uN1 ekuseni ngoLwesine, kusho abosizo lokuqala.
La madoda achithwe yiveni ngesikhathi inqola ebidonswa yiyo ingena esikhotheni, kuho okhulumela abeNetcare 911 uChris Botha.
OLUNYE UDABA: Kushone indoda iveni ishayisa isihlahla
La madoda atholwe eduzane nesigameko elimele.
“AbeNetcare 911 nabanye bezimo eziphuthumayo bafice inqola yale veni igingqikile,” kusho uBotha.
Abosizo lokuqala baxilonge abalimele endaweni ysigameko ngaphambi kokubaphuthumisa esibhedlela saseBloemfontein.
Umshayeli weveni akazange alimale.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter