Durban - Kulimale abantu abangu-27, okubandakanya nezingane zesikole ezingu-24, ngesikhathi kugingqika itekisi eMount Edgecombe, enyakatho neTheku, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal.
"Kukholakala ukuthi le tekisi iphaphalazile yaphuma emgwaqeni yase ishaya ungqimphothwe. Kulimale abantu abangu-27 kule ngozi.
“Abangu-24 kubona yizingane zesikole samabanga aphansi,” kusho okhulumela ithimba labosizo lokuqala uRobert Mckenzie.