Cape Town – Kulimale izingane ezingu-31 ngesikhathi ibhasi ebezihamba ngalo ligingqika ku-R44 ngaphandle kwaseStellenbosch, ngaseWelgevonden Estate, ngoLwesibili ekuseni, kusho abezimo eziphuthumayo.
"Ngesikhathi kufika abe-ER24 nabanye bezimo eziphuthumayo bathole izingane ezimbili zilimele kabi,” kusho okhulumela i-ER24 uChitra Bodasing.
OLUNYE UDABA: Itekisi ebigcwele izingane engozini ebucayi eGoli
"Omunye wabafana olimele utholakale izandla zakhe zicindezelwe yibhasi.”
Ube esekhululwa wathola ukwelashwa ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ngendiza.
"Lezi ezinye izingane ezilimele kabi nazo ziphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uBodasing.
Imbangela yale ngozi ibingakaziwa kepha kuyaphenywa.