Johannesburg –Abantu abane kubalwa nezingane zesikole ezintathu balimale ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ishayisa uthango endaweni yaseVosloorus ngoLwesibili ekuseni, kusho amaphoyisa aseKurhuleni.
"Itekisi ibithwele izingane zesikole zisuka eVosloorus kuyiwa eReiger Park, umshayeli uhlulekile ukuyilawula yabe isishayisa uthango lomuzi kwalimala abane,” kusho u-Inspector uKobeli Mokheseng.
Umshayeli oneminyaka engu-27 ubudala kanye nezingane ezintathu ezibalelwa eminyakeni esuka kweyesikhombisa kuya ku-12 ubudala balimalile.
Baphuthunyiswe esibhedlela iNatalspruit ukuze beyothola usizo.
Ezinye izingane azilimalanga kule ngozi kodwa nazo zihloliwe esibhedlela.
UMokheseng uqhube wathi: "Akukacaci ukuthi yini imbangela yale ngozi kodwa uphenyo lokuqala luveza ukuthi ukukhathala kungaba nomthelela."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho