Johannesburg – Kulimale owesifazane nosana lwakhe olunezinyanga ezine luzelwe ngesikhathi izigebengu zizama ukubaduna imoto eRosettenville ngoLwesithathu ekuseni, kusho absizo lokuqala.
Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala bafika endaweni yesigameko bathola umama nengane bemile eduzane nemoto eshayise udonga.
UMeiring uthe lo wesifazane utshele abosizo lokuqala ukuthi ushayekle ebusweni ngesikhathi ethi uthatha ingane edunwa imoto.
OLUNYE UDABA: Kudunwe imoto inezingane phakathi
Abaduni babe sebebaleka ngaphambi kokuyishayisa odongeni imoto.
“Kukholakala ukuthi abaduni babalekile, kusho uMeiring.
“Ngesikhathi abosizo lokuqala behlola umama nengane bathole ukuthi balimalile kulesi sigameko.
“Abosizo lokuqala baxilongwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela iSouth Rand.”
Isigameko siyaphenywa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho