Johannesburg – Kulimale indoda ngesikhathi kungena imoto enxanxatheleni yezitolo ePietermaritzburg ngeSonto, kusho abosizo lokuqala.
Ngokusho kwabe-ER24, abathunyelwe endaweni yesigameko bathole ukuthi kungene imoto kwesinye esiseCato Ridge shopping centre, yenza umonakalo njengoba kubhidlike udonga kwaphuka namawindi.
"Indoda elinganiselwa eminyakeni engu-50 ubudala ithole ukulimala ngesikhathi ishayiswa imoto ingaphakathi ezitolo," kusho abe-ER24 esitatimendeni.
Le ndoda elimele iphuthunyiswe esibhedlela sase-Edendale iyoxilongwa khona, umshayeli wemoto yena akalimalanga.
Amaphoyisa aphenya ngembangela yengozi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho