Cape Town - INkantolo yeMantshi eKapa kulindeleke ukuba ikhiphe isinqumo ngoLwesihlanu ecaleni lomlisa osolwa ngokushaya aphinde athuke uGloria Kente, owayesebenzela intombi yakhe.
U-Andre van Deventer walivuma icala lokubiza isisebenzi nge “khafula” ngesikhathi bexabana.
Kodwa uyakuphika ukuthi wasishaya.
Funda nalolu daba: Inyunyana ifuna kuboshwe uPhiyega.
UKente wayesebenzela uMariechen Pienaar, intombi kaVan Deventer ngaleso sikhathi.
UKente owayehlala emzini ayesebenza kuwona, waxabana noVan Deventer ngemuva kokuba emcele ukuba akambhekele ingane kaPienaar ngoba yena esayogeza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.