Johannesburg – Ikhomishini kaFarlam kulindeleke ukuba iphothule umbiko ngesigameko saseMarikana bese iwudlulisela kuMengameli Jacob Zuma ngaphambi kokuthi kuphele uMashi.
“Sisahamba ngokohlelo lwethu olwakubeka kwacaca ukuthi sizophothula lo mbiko ngaphambi kokuthi kuphele le nyanga,” kusho uNobhala wale khomishini uPhuti Setati.
“Okhomishana sebeyawuphothula lo mbiko.”