Johannesburg - Ucwaningo luthi abesifazane abathola ukuhlukunyezwa ophathina babo, yibo abavamise ukuba yizisulu zegciwane lengculaza.
Ukushaywa kwabesifazane kanjalo nokudlwengulwa kwabo, kuholela ekutheni bagcine bephenduka izisulu.
INingizimu Afrika ingelinye lamazwe anezibalo eziphezulu zabantu abaphila negciwane.
Funda nalolu daba: Ubona ngani uma uhlukumezeka
Emhlabeni jikelele amazwe ahamba phambili ebantwini abane-HIV, ahlanganisa iSwazini, Botswana,Lesotho, ZImbabwe, Namibia, Malawi, Mozambique kanjalo neNingizimu Afrika.
Kusukela ngonyaka ka-2001, zehlile izibalo zabantu ababulawa yizifo ezihlobene ne-HIV neTB.
Ngokusho kocwaningo abantu besifazane abahlukunyezwayo, bayasaba ukuyofuna usizo lwezempilo olungagcina lubahlenga ekutholeni igciwane lengculaza.– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).