Share

Kumapeketwane emshadweni wengane kaZuma

Durban – Kumapeketwane emshadweni wendodakazi kaMengameli Jacob Zuma uDudu Zuma nomyeni wakhe uLonwabo Sambudla njengoba sekuvele ukuthi sebehlala ngokwehlukana ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSunday Sun akukapheli neminyaka emihlanu lezi zithandani zabopha ifindo likasofa silahlane nokwaba umshado owaphendula undabuzekwayo.

Imithombo yaleli phephandaba idalule ukuthi nakuba la sebehlala ngokwehlukana kodwa abazondani njengoba besaqhubeka nokuxhumana.

“Ukuhlukana kwabo kwaba yisuvumelwano sabo bobabili.

Okwamanje uLonwabo usephumile emzini wabo sekusele uDudu namanye amalungu omndeni wakhe amesekayo kulesi sikhathi abhekene naso.

Kubukeka sengathi bazogcina behlukanisile ngokugcwele,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe:

“Isimo asisafanai nakuqala. Ngeke usababona emphakathini ndawonye.

OLUNYE UDABA: Usinde ngokulambisa umculi wejazz edutshulwa

UDudu ucabanga ukuthi uLonwabo akaseyena lo muntu amshada.

Umndeni wakwaZuma wawufuna ukumlawula njengoba aze aphoqeleka ukuthi alaxaze abangani bakhe bakudala.

Ubesehlale ekhononda njalo ngokuziphatha kukaLonwabo njengoba ebese wayibikela imindeni yabo ngempatho ayithola kumyeni wakhe.”

UDudu noLonwabo bashada umshado owaba sezingeni eliphezulu ngo-2011 kanti umshado wabo wagcwala kwabezindaba njengoba kwabe kukhona izicukuthwane ezahlukene okubalwa kuzo usomabhizinisi uVivian Reddy nomkakhe, umkhulumeli we-ANC uZizi Kodwa, inkosi Mandla Mandela, usaziwayo uKhanyi Mbau, owayenguMiss SA, Tansey Coetzee, usomahlaya uDavid Kau, uSomizi Mhlongo uMiriam Ngomani noMpumi Gwinya.

NgoMgqibelo uLonwabo wenqabile ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ethintwa.

UDudu naye ugcine engatholakalanga njengoba inombolo iSunday Sun ebinayo ibikhala ingaphendulwa kanti nemiqhafazo ethunyeliwe kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingaphendulwanga.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 200 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 431 votes
Vote
Rand - Dollar
19.25
-0.5%
Rand - Pound
23.94
-0.5%
Rand - Euro
20.50
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
947.60
-0.3%
Palladium
1,022.00
-0.7%
Gold
2,381.98
+0.1%
Silver
28.29
+0.2%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
66,617
-0.9%
All Share
72,665
-0.8%
Resource 10
62,846
-0.7%
Industrial 25
97,603
-0.8%
Financial 15
15,345
-0.9%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE