Durban – Kume yonke into emgwaqweni uNanda ngesikhathi kunombhikisho obelunodlame nokuphoqe izinkumbi zabantu zifike sekudlule isikhathi emsebenzini.
Ngokubika kweTimeslive ababhikishi abebebhikishela ukugqoza kwentuthuko bavale lo mgwaqo bekhala ngezidingingqangi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uMajor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi lo mgwaqo ongenela emgwaqweni onguthelawayeka u-N2 odlulela kuMgeni Business Park, Sea Cow Lake naseNewlands West uze wavulwa emini ngenxa yalo mbhikisho.