isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Kumisiwe ukuthengwa kwendiza kaZuma

2012-07-06 14:13
Johannesburg - Simisiwe isiphakamiso sokuthengela uMengameli uJacob Zuma indiza iBoeing 777, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula.

Ungqongqoshe utshele izintatheli ePitoli wathi kumisiwe ukuthengwa kwale ndiza.

Imali engu-R82 million ekade isikhokhelwe inkampani yezindiza izobuyiselwa emuva iphelele, kusho ungqongqoshe.

"Sengixhumane nezinkampni ezithize ezithengisa izindiza sazama ukubonisana, ngixhumene nabakwaBoeing sakhuluma ngokumiswa kohlelo lolu.”

UMapisa-Nqakula uthe usazoxhumana nabanye ongqongqoshe ngoba sikhona isidingo sokuthi kuthengwe izindiza ezisezingeni zokuthwala izicukuthwane zakuleli.

Uphenyo ngokuthengwa kwendiza lwenziwe ngokuhlanganyela noMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)