Johannesburg - Kumnyama ebusweni benkawu, emaphoyiseni ngokubulawa kukanozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, e-East Rand.
Isehlakalo senzeka ngenyanga
eyedlule.
Funda nalolu daba: Umlando kaSenzo Meyiwa
Amaphoyisa akhipha umehlokaboni ka-R250 000, kuloyo ongaba nolwazi ngesehlakalo.
Okhulumela amaphoyisa uNeville
Malila, uthi akukho abasakutholile ngesehlakalo, kusho abezindaba zakwa-SABC.
Owake waba ngumsolwa kuleli cala, uZamokuhle Mbatha, wadedelwa kuthiwa kushoda ubufakazi obumhlanganisa necala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.