isiZulu

Kuphambana izinkomishi kwelikaMbatha

2012-08-07 14:02
Johannesburg - Ufakazi oyiphoyisa ukhale ngokudideka ngesikhathi ethula ubufakazi ecaleni lokubulawa komfana waseSoweto uThato Mokoka, 16, owadutshulwa yiphoyisa.

"Ngasala ngidedekile ngesikhsthi ngibona umfana omncane elele edamini legazi elimele," kusho ufakazi uConstable Tshepo Mokhomola, etshela iNkantolo eNkulu eGoli.

UMokhomola ubethula ubufakazi ecaleni elibhekene nephoyisa uSipho Mbatha, icala lenzeka mhlaka-14 Febhuwari 2011.

UMokhomola ubebuzwa yinkantolo ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ahluleke ukusho ebufakazini bakhe bokuqala ukuthi uMokoka nomgani wakhe baseshwa ngamaphoyisa.

Inkantolo iphinde yafuna ukwazi ukuthi yini eyadala ukuthi uMakhomola nelinye iphoyisa uClifford Mathebula, befuna kulungiswe kabusha ubufakazi obuthile, obufanayo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

SAPA

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Insure your car with iWYZE