Share

Kuphinde kwatholakala esinye isidumbu sengane KwaMashu

Durban – Sekutholakale isidumbu sesithathu kulo nyaka sintanta emhosheni kwa-C KwaMashu, eThekwini.

Ukutholakala kwalesi sidumbu kwenze ikhansela leDA KwaMashu ukuba licele abesifazane abazithwele emphakathini ukuba bathole usizo kunokuba balahle izingane.

Ikhansela u-Emmanuel Mhlongo uthe ubizelwe endaweni yesehlakalo ngezithuba zabo-13:00.

UMhlongo uthe amalungu omphakathi iwona ambizile amazisa ngokutholakala kwesidumbu emanzini.

Funda nalolu daba: Ubuyile umqeqeshi owanyamama ngemuva kokuthola induku

“Ngiphuthume endaweni yesehlakalo ngathola amaphoyisa kanye nomphakathi bebuthene endaweni yesehlakalo. Elinye lamalungu omphakathi lithe libone owesilisa ephuma emotweni emnyama ephosa uplastiki emanzini wabe esehamba.”

UMhlongo uthe sekungokwesithathu kutholakala isidumbu sengane emanzini kulo nyaka.

“Sicela abesifazane emphakathini wethu ukuba bathole usizo kunokuba balahle izingane. Abantu akumele bazibulale izingane; zikhona izikhungo ezibekelwe ukuba bathole usizo kanye nalezo ezigcina izingane,” kusho uMhlongo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 397 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 559 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE