Johannesburg - Kwenzeke okungajwayelekile emngcwabeni kaPortia Mabena, ngesikhathi amadoda amane abephuzile, evuka indlobane ekhahlela ibhokisi, egwaza nabafowabo bakamufi.
Ngokusho kwabezindaba zeDaily Sun, amadoda eze emngcwabeni ephuma eshibhini elingumakhelwane.
Kugwazwe uRonny Malaji, 36, noLucas More, 37.
URonny, ungeniswe egumbini labagula kakhulu, wagcina ngokudlula emhlabeni kanti uLucas, uyelulama.
Funda nalolu daba: Kume umngcwabo isidumbu sifika singenakhanda
UGrace More, utshele iphephandaba wathi amadoda agwaze abafowabo athatha impahla engaba yinani lika-R2 000.
Kuvulwe icala esiteshini esiseTwatwa, eKurhuleni.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain Doniah Mothutsane, kuyaphenywa ngesehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook