Johannesburg – Imashi ye-EFF obekuhlelwe ukuba kubengeyokuthula nokulwiswana nokuhlaselwa kwabokufika ngoMsombuluko igcine isiphenduke udlame ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu ngasehostela, kwalimala oyedwa emlenzeni.
Intatheli weNews24, uThomas Hartleb, osendaweni yesehlakalo, uthe umlandeli we-EFF umtshele ukuthi kukhona ehostela odubule ilungu le-EFF emlenzeni.
Funda nalolu daba: Uma ufuna ukuhlonishwa kumele ukwazi ukulalela - ISilo.
Uphuthunyiswe esibhedlela, kubika uHartleb.
Abantu babonakale bebaleka befuna indawo abangase bakhosele kuyona njengoba bekuqhuma isibhamu, kubika uTarren-lee Habelgaarn weNetwerk24, kuTwitter.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.