Johannesburg - Izibalo zithi u-31% wogwayi obhenywa abantu bakuleli ngonyaka, kusuke kuwugwayi ongena ezweni ngokungemthetho.
Lokhu kuchaza ukuthi kulahleka imali engu-R5-billion, engabe ikhokhelwa intela.
Umkhonyovu lona, ngezinye zezinto ekubhekeke zibekwe etafuleni uma kuqhubeka inkomfa ngogwayi ongekho emthethweni.
Funda nalolu daba: Amathuna agcwele ababhema ugwayi - WHO
Inkomfa izobanjelwa eKapa, kanti kulindeleke izithunywa ezivela ophikweni loKlebe, abe-Europol kanjalo nabeTobacco Institute of South Africa, kusho abe-702, ohlelweni lukaRedi Tlhabi.
UFrancois van der Merwe, oyisikhulu esiphezulu kwaTobacco Institute of South Africa, ukhulume ohlelweni wathi abantu abathenga lo gwayi, baqola uhulumeni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).