Cape Town – Amaphoyisa aphenya ngokubulawa kwalowo owayengunozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa awakabi sezithendeni zabasolwa futhi asolwa ngokuhudula izinyawo.
Ngokombiko weSunday Times, umthombo osondelene namaphoyisa uthe: “Akukho okusha ngaleli cala. Izinto zinhlakanhlaka nje okwamanje.”
Funda nalolu daba: Lihamba phambili elikaSenzo Meyiwa kuGoogle.
Ubaba kaMeyiwa, uSam Meyiwa, utshele iphephandaba ukuthi ukhathazekile ngokuthi namanje ababulali bendodana yakhe abakabanjwa.
Uthe abaseshi bafika kwakhe eMlazi, cishe esikhathini esingamasonto amabili eledlule bamtshela ukuthi abafuni ukwenza iphutha elilodwa kabili lokuthi babophe umuntu okungesiyena othintekayo.
Ngaphezulu kwalokho, akukho okusha okusenziwe kusukela ngoNovemba 11 ngonyaka odlule kuzekube uLwesibili wangesonto eledlule.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.