Johannesburg - Abantu abangaphezu kuka-20 balimalile ngesikhathi kumbondelana ndawonye amabhasi amabili nezimoto ezine eThekwini, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo ngoLwesihlanu.
"Bangu-22 abantu abathole ukulimala," kusho okhulumela abakwaRescue Care, uGarrith Jamieson.
Ingozi yenzeke kuPixley Ka Seme Street, phakathi kwe-OR Tambo Parade neGillespie Street, ngezithuba zantambama.