Cape Town – Kushe ihholo lomphakathi endaweni yaseKraaifontein eKapa, kusho abedolobha laseKapa ngoLwesine.
"Bekunezimpawu zokugqekezwa ezibonakale kuphahla lwangaphakathi endlini encane kanti nabezokuphepha nonogada bathole amabhomu amabili ngaphandle kwebhilidi," kusho ilungu lekomidi lemeya u-Alderman JP Smith.
Uphinde wathi kubonakala sengathi umlilo uqale ngaphakathi ehholo.
OLUNYE UDABA:Kuqubuke umlilo eKya Sands eGoli
"Umlilo udale umonakalo omkhulu ophahleni okuzokwenza umphakathi ungakwazi ukulisebenzisa leli hholo isikhathi eside.
"Okunye okuveleli wukuthi lokukushiswa kwehholo bekuyinhloso njengoba isisefo nezipikha zingathintwanga."
USmith uqhube wathi lokhu kuzokwehla kanzima kwizakhamizi njengoba kuyizo ezilisebenzisayo ikakhulukazi labo asebekhulile njengoba belisebenzisela ukuhola impesheni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho