Johannesburg - Kushone umlisa oyedwa kwathi abanye ababili bathola ukulimala ngesikhathi imoto yohlobo lweVolkswagen Golf ishayisana netekisi ku-M17 ngaseSwartkops, ePort Elizabeth, ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa e-Eastern Cape.
Imoto yeGolf, ebinomshayeli nomgibeli, ibizama ukudlula enye ngesikhathi ishayisana netekisi, ebinomshayeli kuphela, kusho uWarrant Officer Dumile Gwavu.
Funda nalolu daba: Ingane igwilize yashona eKZN.