Johannesburg – Kushone umuntu oyedwa kwalimala abahlanu ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili emgwaqweni u-R40 Hilltop ngaphandle kwaseelspruit ngoLwesihlanu ngokusho kwabe-ER 24.
“Kusolakala ukuthi lezi moto ebeziqhamuka ezindaweni ezahlukene zingqubuzene ngaphambili,” kusho abe-ER24.
“Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bathole umuntu oyedwa evaleleke ngaphakathi kwenye yezimoto.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa eGoli ngokukhwabanisa
Kuphoqeleke ukuthi ithimba lezicishamlilo lisebenze kanzima ukumtakula.
Ngeshwa lo mlisa osolwa ukuthi uneminyaka ekuma-40 ubudala kugcine ngokumenela njengoba bekungasekho okungenziwa ukumhlenga,” bechaza.
Kubikwa ukuthi bonke abanye abalimalile balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho