Durban - Abesifazane ababili bashonile kwathi abanye abantu abangu-22 balimala ngesikhathi kushayisana amatekisi amabili ezimpambanweni zomgwaqo, kusho abahambisi bosizo oluphuthumayo ngoLwesithathu.
Okhulumela abakwaNetcare911, uChris Botha uthi abesifazane abashonile batholakale bebhajwe ngaphansi kwamatekisi aginqikile, bobabili bashonele endaweni yesehlakalo.
Ingozi yenzeke ezimphambanweni zemigwaqo u-Essenwood neBeria ngezithuba zasekuseni.
UBotha uthi abahambisi bosizo oluphuthumayo bazame ukunyanga abalimele endaweni yesehlakalo, uthi abangu-8 kwabangu-22 abalimele bebelimele kakhulu.
Bonke bangeniswe esibhedlela, okwamanje ayikazeki imbangela yengozi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).