Pietermaritzburg - Kushone abantu ababili kwathi abanye abangu-13 balimala engozini yomgwaqo eyenzeke eMgungundlovu ngoLwesine ebusuku, kusho abosizo lokuqala.
Ingozi yenzeke kuCamberg Road, kusho okhulumela abakwa-R24 uRussel Meiring.
"Abosizo lokuqala baseMgungundlovu bafike endaweni yesehlakalo bathola imoto eyiveni ivundle phakathi nomgwaqo. Bonke abebephakathi ibachithele ngaphandle.”