Cape Town – Kushone umshayeli wesithuthuthu nomgibeli ngesikhathi isithuthuthu ebebehamba ngaso sishayisana nemoto eyi-SUV ngaphandle kwaseNewcastle ku-Allen Road ngoMgqibelo ekuseni.
Abanye abantu abane bona bathole ukulimala okungatheni kule ngozi, kusho okhulumela abakwa--ER24 uChitra Bodasing.
Funda nalolu daba: Kushone ingane kusha indlu
Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesehlakalo ngezithuba zabo-08:30, bathole umlisa kanye nowesifazane bedindilize phansi eduze kwesithuthuthuthu nemoto.
“Umshayeli weSUV ulimale kancane kanye nabagibeli ebebesemotweni yakhe. Bonke bathole usizo lokuqala base behanjiswa esibhedlela.”
Iziphathimandle bezisendaweni yesehlakalo siqhuba uphenyo.