Johannesburg – Balinganiselwa kwabangu-34 abantu abashone ezingozini ezahlukene ezenzeke esifundazweni sase-Eastern Cape, kusho iRoad Traffic Management Corporation ngoMgqibelo.
Kushone abantu abangu-25 ku-R408 phakathi kwaseButterworth naseWillowvale ngesikhathi ibhasi liphunyuka umshayeli, kusho isikhulumi uSimon Zwane.
"Ibhasi libe seligingqika labulala abagibeli. Isibalo sabashonile kulindeleke ukuba sikhule njengoba kusanabagibeli abavaleleke ebhasini,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Kushone izintombi ezingu-38 ziyohlolwa
Kwenye ingozi, kushone abantu abangu-9 ngesikathi itekisi igingqika ku-R61 phakathi kwaseCradock naseGraaff Reinet ngoMgqibelo ekuseni.
Abantu abahlanu bayiswe esibhedlela, kusho uzwane.
Sekuqaliswe uphenyo ngazo zombili izingozi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.