Johannesburg - Abantu abane bashonile esehlakalweni sengozi yomgwaqo eyenzeke ku-N11, ngaseMnambithi, esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Ngokusho
kwabahambisa usizo oluphuthumayo, kushayisane amatekisi amabili, kwashona abane
kwalimala abanye abathathu.
Funda nalolu daba: Balokhu beshonile ezingozini eKZN
Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela esiseMnambithi, kusho okhulumela abahambisa usizo uRobert Mckenzie.
Okwamanje akukazeki kube yini imbangela yengozi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.