Share

Kushone 5 kugqubuzana izimoto

Johannesburg – Kushone abantu abahlanu ngesikhathi kungqubuzana izimoto emgwaqeni u-N14 ngaseDelmas eMpumalanga ngeSonto, kusho abosizo lokuqala.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo izimoto zihlakazekile ziphakathi komgwaqo, kusho okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring.

"Ngesikhathi behlola umonakalo, abosizo lokuqala bathole ukuthi imoto eyodwa ibinabantu abahlanu kanti kwenye bekukhona umuntu oyedwa,” kusho uMeiring.

Funda nalolu daba: I-EFF ikhala ngokuphazanyiswa eThekwini

Izidumbu ezimbili zitholakale emotweni yokuqala, owesithathu ubesesimeni esibucayi ngaleso sikhathi.

Abosizo lokuqala bazamile ukuhlenga impilo yakhe kodwa kwagcina kumenele.

"Abanye ababili abachithwe yimoto nabo bashonile,” kusho uMeiring.  

Umshayeli wemoto yesibili yena utholakale esemotweni esesimeni esibucayi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 402 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 411 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
922.30
-0.9%
Palladium
1,030.50
+1.5%
Gold
2,323.92
-0.1%
Silver
27.30
+0.4%
Brent-ruolie
87.00
-0.3%
Top 40
68,001
+0.8%
All Share
73,958
+0.6%
Resource 10
59,636
-2.1%
Industrial 25
102,717
+1.6%
Financial 15
15,880
+1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE