Johannesburg – Kushone abantu abayisithupha kwathi ababili balimala kabi ezigamekweni zezingozi zomgwaqo ezahlukene KwaZulu-Natal, kusho abezimo eziphuthumayo ngeSonto.
Abosizo lokuqala bahambele ingozi yokuqala ngabo-18:30 kuR600 emgwaqeni ochezukela esibhedlela sase-Emmaus, ngaseWinterton, lapho kushayisane khona imoto encane netekisi.
"Ngebhadi bafike beshone bonke abantu abane abebesemotweni encane,” kusho uRobert Mckenzie esitatimendeni.
OLUNYE UDABA: Kushone 3 engozini ePitoli
"Umshayeli wetekisi nabagibeli bakhe bathole ukulimala kule ngozi eshiye izimoto zombili zilimele kabi.”
Esigamekweni sesibili esenzeke eMpumalanga ngaseHammarsdale, ngaphandle kweTheku, kushone abantu ababili.
Amaphoyisa ayaphenya ngembangela yalezi zingozi ezenzeke ngoMgqibelo ebusuku.