Johannesburg - Kushone abantu ababili ezingozini ezahlukene ezenzeke ebusuku eCarletonville, eGauteng, naseBloemfontein, eFree State, kusho abosizo lokuqala ngoMgqibelo.
Umlisa oyedwa ushonile kwathi abanye abane balimala emgwaqeni u-R500 ngaseCarletonville, entshonalanga yeGauteng, ngesikhathi izimoto zingqubuzana, kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uSanti Steinmann.
Umlisa lo ushonele endaweni yesehlakalo ngesithuba zabo-17:00 ngoLwesihlanu.