Johannesburg – Kushone abantu abathathu, okubalwa nosana lwentombazane olunezinyanga ezinhlanu luzelwe, ngesikhathi kugingqika iveni eFicksburg, kusho abezimo eziphuthumayo eFree State.
Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe kule ngozi eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku kuphinde kwalimala abanye abantu abathathu.
"Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola iveni ilele ngohlangothi emgwaqeni owubhuqu,” esho.
OLUNYE UDABA: Kushone 3 engozini ePitoli
"Bathe uma behlola isimo, bathola ukuthi bebeyisithupha abantu abebehamba ngale veni, kanti abathathu kubona bashonile.”
Kulaba abalimele, ababili kubona babangwa nezibi, esho.
Kuyaphenywa ngembangela yengozi.