Durban – Kushone abantu abahlanu ezingozini ezimbili ezahlukene KwaZulu Natal ngokusho kwabezimo eziphuthumayo kulesi sifundazwe.
“Izingozi ezahlukene KwaZulu Natal zidlule nemiphefumula yabantu abahlanu,” kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo uRobert Mckenzie.
Abantu ababili bashonile kwathi oyedwa walimala ngesikhathi kushayisana imoto encane neveni e-Underberg ezintatha zangoMgqibelo.