Cape Town – Kushone abantu abahlanu ezigamekweni ezintathu ezahlukene zokusha kwemikhukhu eCape Peninsula ngeSonto ekuseni, ngokusho kwabezicishamlilo eCape Town.
“Abezicishamlilo babizwe ezintatha ngemuva kokuqubuka komlilo,” kusho uTheo Layne.
Kulesi sigameko kushone owesilisa, owesifazane nezingane ezimbili njengoba kushe imijondolo ebalelwa ku-30.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe amakhehla atholwe nezibhamu ezingekho emthethweni
Babalelwa ku-120 abantu abasale dengwane kulesi sigameko.
Ngemuva kwehora kuqhamuke lesi sigameko kuqubuke omunye umlilo komunye umjondolo lapho kushone khona owesilisa emgwaqweni uSolomon eMfuleni.
Khona manjalo ngeSonto ekuseni abantu abangu-25 basale benganalutho ngesikhathi imikhukhu yabo isha eVillage Heights eLavender Hill.
Ayaziwa imbangela yale mililo kodwa amaphoyosa aseqale uphenyo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho