Johannesburg - Kushone abasebenzi abathathu boMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngesikhathi behlelwa yingozi ebandakanya imoto encane namaloli amabili eColenso ngoLwesine, kusho uMnyango.
"Uqweqwe lomhlengikazi nabasebenza ekhimisi yesibhedlela bebehamba ngemoto yoMbuso besuka eDundee belibangise enkomfeni eThekwini ngesikhathi behlelwa yingozi," kusho okhulumela uMnyango uSam Mkhwanazi esitatimendeni.
Unesi nomunye bashonele endaweni yesigameko, kwathi omunye waphelela emagcekeni esibhedlela.
Kuthiwa laba abanye abasebenzi ababili abalimele, babangwa nezibi.
"UNgqongqoshe wezeMpilo e-KZN MEC uDkt Sibongiseni Dhlomo nenhloko yoMnyango uSibongile Zungu bakhalisane nemindeni elahlekelwe," esho.
Uthi lezi zikhulu ziphinde zafisela abalimele ukululama ukusheshayo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter